20 Wenza ubumnyama kube ngubusuku;phakathi kwabo kuphuma izilo zonke zasehlathini.
21 Izingonyama ezintsha zibhongela impango,zifuna ukudla kwazo kuNkulunkulu.
22 Liphuma ilanga,bese zibuyela phansi zilale emihumeni yazo.
23 Bese kuphuma umuntu,aye emsebenzini wakhenasekukhandlekeni kwakhe kuze kuhlwe.
24 Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho;yonke uyenzile ngokuhlakanipha;umhlaba ugcwele izidalwa zakho.
25 Nantu ulwandle, lukhulu, lubanzi;lapho kukhona izilwanyana ezinwabuzelayo ezingenakubalwa,izilwane ezincane nezinkulu.
26 Kuhamba khona imikhumbi,uLeviyathani* lowo omenzile ukuba adlale kulo.