23 Bese kuphuma umuntu,aye emsebenzini wakhenasekukhandlekeni kwakhe kuze kuhlwe.
24 Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho;yonke uyenzile ngokuhlakanipha;umhlaba ugcwele izidalwa zakho.
25 Nantu ulwandle, lukhulu, lubanzi;lapho kukhona izilwanyana ezinwabuzelayo ezingenakubalwa,izilwane ezincane nezinkulu.
26 Kuhamba khona imikhumbi,uLeviyathani* lowo omenzile ukuba adlale kulo.
27 Zonke lezi zidalwa zibheka wena,ukuze uzinike ukudla kwazo ngesikhathi esiyiso.
28 Uyazinika ukudla, zibuthe;uvula isandla sakho, zisuthe ngokuhle.
29 Uyasitheza ubuso bakho, zethuke;uyasusa umphefumulo wazo, zife,zibuyele othulini lwazo.