3 obeka imishayo yezindlu zakhe emanzini,owenza amafu abe yinqola yakhe,ohamba ngamaphiko omoya;
4 owenza izingelosi zibe yimimoya,izikhonzi zakhe zibe yilangabi lomlilo.
5 Umisile umhlaba phezu kwezisekelo zawo,ukuze ungazanyazanyiswa kuze kube phakade naphakade.
6 Wawumboza ngolwandle njengengubo;amanzi ema phezu kwezintaba.
7 Ngokukhuza kwakho abaleka,ngezwi lokuduma kwakho ashesha asuka.
8 Enyuka izintaba, ehla izigodi,aze afika endaweni owawuyimisele wona.
9 Umisile umncele ukuba angaweqi,angabuyi ukusibekela umhlaba.