9 Umisile umncele ukuba angaweqi,angabuyi ukusibekela umhlaba.
10 Uthumela imithombo ezigodini;yona igijima phakathi kwezintaba.
11 Iyaphuzisa izilwane zonke zasendle,izimbongolo zasendle zicime ukoma kwazo.
12 Izinyoni zezulu zakhile ngakuyo,zizwakalisa izwi lazo phakathi kwamagatsha.
13 Uphuzisa izintaba okuvela emakamelweni akhe;umhlaba uyaneliswa yisithelo semisebenzi yakho.
14 Uhlumisela izinkomo utshaninemifino yokusiza umuntu,ukuze aveze ukudla emhlabeni,
15 newayini elijabulisa inhliziyo yomuntu,namafutha okukhazimulisa ubuso,nesinkwa esiqinisa inhliziyo yomuntu.