12 lapho babe yingcosana ngomumo,yebo, lapho babe yingcosana,futhi babe yizihambi kulo.
13 Bazulazula ezizweni ngezizwe,besuka kulo mbuso, beya kwabanye abantu.
14 Akavumelanga muntu ukubahlupha,wajezisa amakhosi ngenxa yabo,
15 ethi: “Ningathinti abagcotshiweyo bami,ningoni abaprofethi bami.”
16 Futhi wathuma indlala phezu kwezwe,walwaphula uzime lwesinkwa.
17 Wathuma indoda phambi kwabo:uJosefa wathengiswa abe yisigqila.
18 Balimaza izinyawo zakhe ngamaketanga,waboshwa ngensimbi.