19 Kwaze kwaba yisikhathi elagcwaliseka ngaso izwi lakhe,izwi likaJehova lamhola.
20 Inkosi yathuma yamthukulula,umbusi wabantu wamkhulula.
21 Wamenza umphathi wendlu yakhenenduna yezinto zakhe zonke,
22 ukuze abophe izikhulu zakhe ngokuthanda kwakhe,afundise amalunga akhe ukuhlakanipha.
23 U-Israyeli wayesefika eGibithe,uJakobe wagogobala ezweni likaHamu.
24 Wandisa kakhulu abantu bakhe;wabenza babe namandla kunezitha zabo.
25 Wayiguqula inhliziyo yabo ukuba bazonde abantu bakhe,baphathe izinceku zakhe ngobuqili.