24 Wandisa kakhulu abantu bakhe;wabenza babe namandla kunezitha zabo.
25 Wayiguqula inhliziyo yabo ukuba bazonde abantu bakhe,baphathe izinceku zakhe ngobuqili.
26 Wathuma uMose inceku yakhe,u-Aroni abemkhethile.
27 Benza phakathi kwabo izibonakaliso zakhenezimangaliso ezweni likaHamu.
28 Wathuma ubumnyama,wenza kwaba mnyama,kepha baphambana namazwi akhe.
29 Waphendula amanzi abo aba yigazi;wabhubhisa izinhlanzi zabo.
30 Izwe labo lagcwala amaselenasezindlini zamakhosi abo.