37 Wayesebakhipha benesiliva negolide,kungekho ontengezelayo emindenini yakubo.
38 IGibithe lajabula ekuphumeni kwabo,ngokuba ukwesaba kwabehlela.
39 Wendlala ifu lokubasibekela,nomlilo wokukhanyisa ebusuku.
40 Bacela, waletha izigwaca,wabasuthisa ngesinkwa sasezulwini.
41 Wavula idwala,kwampompoza amanzi,agobhoza emahlane njengomfula.
42 Ngokuba wakhumbula izwi lakhe elingcweleno-Abrahama inceku yakhe.
43 Wayesekhipha abantu bakhe ngokujabula,abakhethiweyo bakhe ngokuthokoza.