1 Haleluya!Bongani uJehova, ngokuba muhle,ngokuba umusa wakhe umi phakade.
2 Ngubani ongalanda izenzo zamandla zikaJehova,azwakalise lonke udumo lwakhe, na?
3 Babusisiwe abaqaphela ukwahlulela kwakhe,owenza ukulunga ngezikhathi zonke.
4 Ngikhumbule, Jehova,ngomusa onawo kubantu bakho,ungihambele ngensindiso yakho,
5 ukuze ngibone inhlanhla yabakhethiweyo bakho,ngithokoze ngentokozo yesizwe sakho,ngizibonge kanye nefa lakho.
6 Sonile kanye nawobaba;senzile okubi, sonakala.
7 Obaba abaqondanga izibonakaliso zakho eGibithe,abakhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa;bahlubuka ngaselwandle, uLwandle Olubomvu.