10 Wabasindisa esandleni sababazondayo,wabakhulula esandleni sesitha.
11 Amanzi asibekela izitha zabo;akwasala noyedwa kubo.
12 Khona bakholwa ngamazwi akhe,bahlabelela udumo lwakhe.
13 Bashesha bakhohlwa imisebenzi yakhe,abalindelanga isiluleko sakhe.
14 Bahaha nokuhaha ehlane,bamlinga uNkulunkulu kwahlongasibi.
15 Wabanika abakufisayo,kepha wathuma ukonda emiphefumulweni yabo.
16 Baba nomhawu ngoMose ekamu,*nango-Aroni ongcwele kaJehova.