31 lokhu wakubalelwa njengokulungaezizukulwaneni ngezizukulwane kuze kube phakade.
32 Bamcunula ngasemanzini aseMeriba;kwaba kubi kuMose ngenxa yabo.
33 Ngokuba baphambana noMoya wakhe;wakhuluma ngamawala ngomlomo wakhe.
34 Abababhubhisanga abantuuJehova abayaleza ngabo,
35 kepha bahlangana nabezizwe,bafunda imisebenzi yabo.
36 Bakhonza izithombe zabo,zaba lugibe kubo.
37 Amadodana namadodakazi abobawahlabela amademoni.