33 Ngokuba baphambana noMoya wakhe;wakhuluma ngamawala ngomlomo wakhe.
34 Abababhubhisanga abantuuJehova abayaleza ngabo,
35 kepha bahlangana nabezizwe,bafunda imisebenzi yabo.
36 Bakhonza izithombe zabo,zaba lugibe kubo.
37 Amadodana namadodakazi abobawahlabela amademoni.
38 Bachitha igazi elingenacala,igazi lamadodana abo namadodakazi aboabawahlabela izithombe zaseKhanani;izwe langcoliswa yigazi.
39 Bangcola kanjalo ngemisebenzi yabo,baphinga ezenzweni zabo.