4 Ngikhumbule, Jehova,ngomusa onawo kubantu bakho,ungihambele ngensindiso yakho,
5 ukuze ngibone inhlanhla yabakhethiweyo bakho,ngithokoze ngentokozo yesizwe sakho,ngizibonge kanye nefa lakho.
6 Sonile kanye nawobaba;senzile okubi, sonakala.
7 Obaba abaqondanga izibonakaliso zakho eGibithe,abakhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa;bahlubuka ngaselwandle, uLwandle Olubomvu.
8 Nokho wabasindisa ngenxa yegama lakhe,ukuze abonakalise amandla akhe.
9 Wakhuza uLwandle Olubomvu, lwasha;wabaholela ekujuleni njengasehlane.
10 Wabasindisa esandleni sababazondayo,wabakhulula esandleni sesitha.