17 Babe yizithutha ngenxa yeziphambeko zabo;ngenxa yobubi babo babehlushwa.
18 Umphefumulo wabo wenyanya konke ukudla;basondela emasangweni okufa.
19 Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo;wabakhulula ezinsizini zabo.
20 Wathuma izwi lakhe, wabaphilisa,wabakhulula emathuneni abo.
21 Mababonge uJehova ngomusa wakhe,nezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.
22 Mabanikele iminikelo yokubonga,balande imisebenzi yakhe ngokwethaba.
23 Behlela elwandle ngemikhumbi,bathengiselana emanzini amakhulu.