27 Bayendayenda,bantengezela njengodakiweyo;konke ukuhlakanipha kwabo kwagwinywa.
28 Base bekhala kuJehova ekuhluphekeni kwabo,wabakhulula ezinsizini zabo.
29 Wathulisa isiphepho,kwaze kwaba ngukuthula,kwathula namadlambi olwandle.
30 Base bethokoza, ngokuba kwaba ngukuthula;wabaholela ethekwini lokufisa kwabo.
31 Mababonge uJehova ngomusa wakhenangezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.
32 Mabamphakamise ebandleni labantu,bamdumise emhlanganweni wamalunga.
33 Imifula wayiphendula ihlane,nemithombo yamanzi isigagadu,