30 Base bethokoza, ngokuba kwaba ngukuthula;wabaholela ethekwini lokufisa kwabo.
31 Mababonge uJehova ngomusa wakhenangezimangaliso zakhe kubo abantwana babantu.
32 Mabamphakamise ebandleni labantu,bamdumise emhlanganweni wamalunga.
33 Imifula wayiphendula ihlane,nemithombo yamanzi isigagadu,
34 nomhlabathi ovundileyo waba lugwadule lukasawotingenxa yobubi babahlezi khona.
35 Ihlane waliphendula amachibi amanzi,nomhlabathi owomileyo imithombo yamanzi.
36 Wabahlalisa khona abalambileyo,bakha khona umuzi wokuhlala.