35 Ihlane waliphendula amachibi amanzi,nomhlabathi owomileyo imithombo yamanzi.
36 Wabahlalisa khona abalambileyo,bakha khona umuzi wokuhlala.
37 Balima amasimu, batshala isivini,kwabathelela izithelo.
38 Wababusisa, banda kakhulu,akanciphisa izinkomo zabo.
39 Babuye bancipha,bathotshiswa ngokucindezelwa, nangobubi, nangosizi.
40 Wathela ukudelelwa phezu kwezikhulu,wabazulazulisa ehlane elingenandlela.
41 Nokho waphakamisa ompofu, wamkhipha osizini,enza imindeni njengomhlambi.