37 Balima amasimu, batshala isivini,kwabathelela izithelo.
38 Wababusisa, banda kakhulu,akanciphisa izinkomo zabo.
39 Babuye bancipha,bathotshiswa ngokucindezelwa, nangobubi, nangosizi.
40 Wathela ukudelelwa phezu kwezikhulu,wabazulazulisa ehlane elingenandlela.
41 Nokho waphakamisa ompofu, wamkhipha osizini,enza imindeni njengomhlambi.
42 Olungileyo uyakukubona, ajabule;ububi bonke bumelwe ukuvala umlomo.
43 Ohlakaniphileyo makaqaphele lokhu;bayakuqonda umusa kaJehova.