2 Vukani, lugubhu nehabhu!*Ngizakuvusa ukusa.
3 Ngizakukubonga phakathi kwabantu, Jehova,ngikudumise phakathi kwezizwe.
4 Ngokuba umusa wakho mkhulu phezu kwezulu,nokuthembeka kwakho kuze kube semafwini.
5 Phakama, Nkulunkulu,phezu kwezulu,inkazimulo yakho ibe phezu komhlaba wonke.
6 Ukuze abathandekayo bakho bakhululwe,sindisa ngesandla sakho sokunene, ungizwele.
7 UNkulunkulu ukhulumile ebungcweleni bakhe, wathi:“Ngiyakwethaba;ngiyakulidabula iShekemi,ngisilinganise isiGodi saseSukoti.
8 Ngowami uGileyadi,ngowami uManase;u-Efrayimi uyisivikelo sekhanda lami,uJuda uyintonga yami yokubusa.