10 Abantwana bakhe mababe yizintandane, baphanze,bacele bekude nezindawo zabo ezichithekileyo.
11 Umtsheleki makabambe konke anakho,abafo baphange izithelo zomsebenzi wakhe.
12 Makungabikho omenzela umusa,futhi kungabikho ohawukela izintandane zakhe.
13 Inzalo yakhe mayinqunywe;igama layo malesulwe esizukulwaneni esilandelayo.
14 Ububi bawoyise mabukhumbuleke kuJehova;masingesulwa isono sikanina.
15 Mabeme phambi kukaJehova njalo,kunqunywe isikhumbuzo sabo emhlabeni.
16 Ngokuba wayengakhumbuli ukwenza umusa,kepha wazingela umuntu odingayo nompofunodabukile ngenhliziyo ukuba ababulale.