16 Ngokuba wayengakhumbuli ukwenza umusa,kepha wazingela umuntu odingayo nompofunodabukile ngenhliziyo ukuba ababulale.
17 Wathanda ukuthuka,kweza phezu kwakhe;wayengathokozi ngesibusiso,sahlala kude naye.
18 Wagqoka ukuthuka njengesambatho,kwangena ezibilinini zakhe njengamanzi,nasemathanjeni akhe njengamafutha.
19 Makube kuye njengesambatho asembathayonebhande* azibopha ngalo isikhathi sonke.
20 Lokhu makube ngumvuzo wezitha, uvela kuJehova,nowabakhuluma kabi ngomphefumulo wami.
21 Kepha wena Jehova, Nkosi yami,ngiphathe ngokwegama lakho;njengokuba umusa wakho ulungile,ngisindise.
22 Ngokuba ngingodingayo nompofu;inhliziyo yami ilimele phakathi kwami.