22 Ngokuba ngingodingayo nompofu;inhliziyo yami ilimele phakathi kwami.
23 Njengethunzi eselilide ngiyamuka;njengesikhonyane ngiyapheshulwa.
24 Amadolo ami abuthakathaka ngokuzila ukudla,nomzimba wami uswele ukukhuluphala.
25 Futhi ngaba yisihlamba kubona;bengibheka banikina amakhanda abo.
26 Ngisize, Jehova Nkulunkulu wami,ngisindise ngokomusa wakho,
27 ukuze bazi ukuthi lokhu kuyisandla sakho;wena Jehova ukwenzile.
28 Mabathuke bona, wena ubusise;nxa bevuka, mabajabhe;kepha inceku yakho mayithokoze.