3 Bangizungeza ngamazwi enzondo;balwa nami, kungekho sizathu.
4 Ngenxa yothando lwami bayangizonda,mina ngisemkhulekweni njalo.
5 Bangibuyisele okubi ngokuhle,nenzondo ngothando lwami.
6 Beka omubi phezu kwakhe;makume omelene naye ngasesandleni sakhe sokunene.
7 Ekwahlulelweni kwakhe makalahlwe yicala;umkhuleko wakhe mawube yisono.
8 Izinsuku zakhe mazibe yingcosana,omunye athathe isikhundla sakhe.
9 Abantwana bakhe mababe yizintandane,umkakhe abe ngumfelokazi.