1 Ngiyaphephela kuJehova;nisho kanjani kuwo umphefumulo wami ukuthi:“Balekela entabeni yenu njengenyoni, na?
2 Ngokuba bhekani,ababi bawunsala umnsalo wabo,babeka imicibisholo yabo entanjeniukuba bacibishele ebumnyameni abaqotho ngenhliziyo.
3 Nxa izisekelo zidilizwa,olungileyo angenzani na?”
4 UJehova usethempelini lakhe elingcwele,uJehova, isihlalo sakhe sobukhosi sisezulwini;amehlo akhe ayabuka,izinkophe zakhe ziyahlola abantwana babantu.
5 UJehova uyamhlola olungileyo;kepha omubi nothanda ubudlwangudlwanguumphefumulo wakhe uyamzonda.
6 Unisa izihibe phezu kwababi;umlilo nesibabule nomoya oshisayokuyisabelo sendebe yabo.