1 Haleluya!Ubusisiwe umuntu omesabayo uJehova,othokoza kakhulu ngemithetho yakhe.
2 Inzalo yakhe iyakuba namandla emhlabeni;isizukulwane sabaqotho siyakubusiswa.
3 Ingcebo nemfuyo kusendlini yakhe;ukulunga kwakhe kumi phakade.
4 Kuyabaphumela abalungileyo ukukhanya ebumnyameni:umusa, nobubele, nokulunga.
5 Umuntu omuhle nguye onomusa, otshelekayo,esekela izindaba zakhe ngokulunga.