1 Ungasiphi thina, Jehova,ungasiphi thina,kepha uliphe igama lakho inkazimulongenxa yomusa wakho nangenxa yeqiniso lakho.
2 Abezizwe bayakusho ngani ukuthi:“Uphi manje uNkulunkulu wabo na?”
3 Kepha uNkulunkulu wethu usezulwini;wenza konke akuthandayo.
4 Izithombe zabo ziyisiliva negolide,umsebenzi wezandla zomuntu.
5 Umlomo zinawo, kepha azikhulumi;amehlo zinawo, kepha aziboni.
6 Izindlebe zinazo, kepha azizwa;zinamakhala, kepha azihogeli.
7 Zinezandla, kepha aziphathi;zinezinyawo, kepha azihambi;azikhulumi ngomphimbo wazo.