11 Nina enimesabayo uJehova thembani kuJehova;yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.
12 UJehova usikhumbulile; uyakubusisa,abusise indlu ka-Israyeli,abusise indlu ka-Aroni.
13 Uyakubusisa abamesabayo uJehova,abancane nabakhulu.
14 UJehova uyakunandisa,nina nabantwana benu.
15 Manibe ngababusisiweyo bakaJehovaowenzile izulu nomhlaba.
16 Izulu liyizulu likaJehova,kepha umhlaba wawunika abantwana babantu.
17 Abafileyo abamdumnisi uJehova,qha, noyedwa kwabehlelayo ekuthuleni.