4 Izithombe zabo ziyisiliva negolide,umsebenzi wezandla zomuntu.
5 Umlomo zinawo, kepha azikhulumi;amehlo zinawo, kepha aziboni.
6 Izindlebe zinazo, kepha azizwa;zinamakhala, kepha azihogeli.
7 Zinezandla, kepha aziphathi;zinezinyawo, kepha azihambi;azikhulumi ngomphimbo wazo.
8 Abazenzayo bayafana nazo,bonke abazethembayo.
9 Israyeli, themba kuJehova;yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.
10 O wena ndlu ka-Aroni,themba kuJehova;yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.