11 Ngathi osizini lwami:“Bonke abantu banamanga.”
12 Ngiyakubuyiselani kuJehovangazo zonke izenzo zakhe ezinhle kimina na?
13 Ngiyakuthatha indebe yensindiso,ngibize igama likaJehova.
14 Izithembiso zami kuJehova ngiyakuzigcwalisa,yebo, nasebusweni babantu bakhe bonke.
15 Kuyigugu emehlweni kaJehovaukufa kwabangcwele bakhe.
16 Ngiyinceku yakho impela, Jehova;ngiyinceku yakho,indodana yencekukazi yakho;uthukululile izintambo zami.
17 Ngiyakunikela kuwe umnikelo wokubonga,ngibize igama likaJehova.