5 Unomusa uJehova, ulungile;uNkulunkulu wethu unobubele.
6 UJehova uyalondoloza ongenabuqili;ngithotshisiwe phansi wangisindisa.
7 Buyela ekuphumuleni kwakho, mphefumulo wami,ngokuba uJehova ukuphathe ngomusa.
8 Yebo, ukhululile umphefumulo wami ekufeni,amehlo ami ezinyembezini,nezinyawo zami ekuweni.
9 Ngiyakuhamba ebusweni bukaJehova ezweni labaphilayo.
10 Ngiyakholwa,ngalokho ngiyakhuluma;ngahlushwa kakhulu.
11 Ngathi osizini lwami:“Bonke abantu banamanga.”