9 Ngiyakuhamba ebusweni bukaJehova ezweni labaphilayo.
10 Ngiyakholwa,ngalokho ngiyakhuluma;ngahlushwa kakhulu.
11 Ngathi osizini lwami:“Bonke abantu banamanga.”
12 Ngiyakubuyiselani kuJehovangazo zonke izenzo zakhe ezinhle kimina na?
13 Ngiyakuthatha indebe yensindiso,ngibize igama likaJehova.
14 Izithembiso zami kuJehova ngiyakuzigcwalisa,yebo, nasebusweni babantu bakhe bonke.
15 Kuyigugu emehlweni kaJehovaukufa kwabangcwele bakhe.