11 Bayangikaka, yebo, bayangizungeza;egameni likaJehova ngiyakubachitha.
12 Bayangibunganyela njengezinyosi,bacimeka njengomlilo wameva;egameni likaJehova ngiyakubachitha.
13 Bayangihlohloloza ukuba ngiwe,kepha uJehova uyangisiza.
14 UJehova ungamandla ami nesihlabelelo sami,waba yinsindiso yami.
15 Izwi lokwethaba nelokusindiswa lisezindlini zabalungileyo;esokunene sikaJehova senza okwamandla.
16 Esokunene sikaJehova siphakeme,esokunene sikaJehova sisebenza ngamandla.
17 Angiyikufa, kepha ngiyakuphila,ngishumayele imisebenzi kaJehova.