25 Sindisa, Jehova! ngiyakuncenga;hlahlamelisa, Jehova! ngiyakucela.
26 Makabusiswe ozayo egameni likaJehova;siyanibusisa sisendlini kaJehova.
27 UJehova unguNkulunkulu, usikhanyisele;hlobisani umkhosi ngamahlamvu kuze kube sezimpondweni ze-altare.
28 Wena unguNkulunkulu wami, ngiyakukubonga;Nkulunkulu wami, ngiyakukuphakamisa.
29 Bongani uJehova, ngokuba muhle,ngokuba umusa wakhe umi phakade.