1 Babusisiwe abaqotho endleleni,abahamba ngemithetho kaJehova.
2 Babusisiwe abagcina ubufakazi bakhe,abamfuna ngenhliziyo yonke,
3 abangenzi ukungalungi,kepha behamba ezindleleni zakhe;
4 wena usiyalezileukuba sizigcine ngokwempela.
5 Sengathi zingaqondiswa izindlela zamiukuba ngigcine izimiso zakho.
6 Khona angiyikujabha;ngiyakuhlonipha iziyalezo zonke zakho.
7 Ngiyakukubonga ngobuqotho benhliziyo,lapho ngifunda izahlulelo zakho ezilungileyo.