102 Ezahlulelweni zakho angichezuki,ngokuba wena uyangifundisa.
103 Amnandi kangaka amazwi akho ekunambitheni kwami;adlula izinyosi emlonyeni wami.
104 Ngeziyalezo zakho ngiyathola ukuqonda;ngalokho ngiyazonda zonke izindlela zamanga.
105 Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zaminokukhanya endleleni yami.
106 Ngifungile;ukulonda izahlulelo zakho ezilungileyo ngakugcina.
107 Ngiyahlupheka kakhulu;Jehova, ngiphilise ngokwezwi lakho.
108 Jehova, yamukela iminikelo yesihle yomlomo wami,ungifundise izahlulelo zakho: