112 Ngithobisile inhliziyo yami ukwenza izimiso zakho njalo,yebo, kuze kube sekupheleni.
113 Ngiyabazonda abanhliziyo mbili,kepha umthetho wakho ngiyawuthanda.
114 Wena uyisiphephelo sami nesihlangu sami;ngiyethemba izwi lakho.
115 Sukani kimi nina enenza okubi,ngokuba ngiyakugcina imiyalo kaNkulunkulu wami.
116 Ngiphase ngokwezwi lakho,ukuze ngiphile,ngingajabhi ngethemba lami.
117 Ngisekele, ngize ngisindiswe,ngibheke njalo izimiso zakho.
118 Uyabadelela bonke abaduka ezimisweni zakho,ngokuba ubuqili babo buyize.