116 Ngiphase ngokwezwi lakho,ukuze ngiphile,ngingajabhi ngethemba lami.
117 Ngisekele, ngize ngisindiswe,ngibheke njalo izimiso zakho.
118 Uyabadelela bonke abaduka ezimisweni zakho,ngokuba ubuqili babo buyize.
119 Uyabalahla bonke ababi bomhlaba njengendiva;ngalokho ngiyathanda ubufakazi bakho.
120 Inyama yami iyathuthumela ngovalo ngawe,ngiyesaba izahlulelo zakho.
121 Ngiyenza ukwahlulela nokulunga;unganginikeli kubo abahluphi bami.
122 Mela inceku yakho kube kuhle;abazidlayo mabangangicindezeli.