128 Ngalokho ngiyavuma ukuthi imiyaloyakho yonke ilungile;ngiyazonda zonke izindlela zamanga.
129 Ubufakazi bakho buyisimangaliso;ngalokho umphefumulo wami uyabugcina.
130 Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa,yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi.
131 Ngivula umlomo wami, ngikhefuzela,ngokuba ngiyalangazelela imiyalo yakho.
132 Bheka kimi, ube nomusa kiminjengokufanele abathanda igama lakho.
133 Qinisa izinyathelo zami ezwini lakho;makungangibusi nobubodwa ububi.
134 Ngihlenge ekuhlupheni kwabantu,ukuze ngigcine iziyalezo zakho.