130 Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa,yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi.
131 Ngivula umlomo wami, ngikhefuzela,ngokuba ngiyalangazelela imiyalo yakho.
132 Bheka kimi, ube nomusa kiminjengokufanele abathanda igama lakho.
133 Qinisa izinyathelo zami ezwini lakho;makungangibusi nobubodwa ububi.
134 Ngihlenge ekuhlupheni kwabantu,ukuze ngigcine iziyalezo zakho.
135 Yikhanyisele inceku yakho ubuso bakho,ngifundise izimiso zakho.
136 Imifula yamanzi iyehlela emehlweni ami,ngokuba abagcini umthetho wakho.