164 Kasikhombisa ngosuku ngiyakudumisangezahlulelo zokulunga kwakho.
165 Abathanda umthetho wakho banokuthula okukhulu;akukho sikhubekiso kubo.
166 Ngiyethemba insindiso yakho, Jehova;imiyalo yakho ngiyayenza.
167 Umphefumulo wami uyagcina ubufakazi bakho;ngiyabuthanda kakhulu.
168 Ngiyagcina iziyalezo zakho nobufakazi bakho,ngokuba izindlela zami zonke ziphambi kwakho.
169 Ukukhala kwami makusondele ebusweni bakho, Jehova;ngiqondise ngokwezwi lakho.
170 Ukuncenga kwami makuze ebusweni bakho;ngihlenge ngokwezwi lakho.