51 Abazidlayo bangihleka usulu kakhulu,kepha emthethweni wakho angichezuki.
52 Ngiyakhumbula izahlulelo zakho zasendulo, Jehova;ngiyaduduzeka.
53 Ukuvutha kolaka kungibambile ngenxa yababiabashiya umthetho wakho.
54 Zaba yizihlabelelo kimina izimiso zakhoendlini yokugogobala kwami.
55 Ebusuku ngikhumbula igama lakho,Jehova, ngigcina umthetho wakho.
56 Lokhu kwaba ngokwami,ngokuba ngagcina iziyalezo zakho.
57 UJehova uyisabelo sami;ngithi ngiyakugcina amazwi akho.