55 Ebusuku ngikhumbula igama lakho,Jehova, ngigcina umthetho wakho.
56 Lokhu kwaba ngokwami,ngokuba ngagcina iziyalezo zakho.
57 UJehova uyisabelo sami;ngithi ngiyakugcina amazwi akho.
58 Ngincenga ubuso bakho ngenhliziyo yami yonke;yiba nomusa kimi ngokwezwi lakho.
59 Ngizindla ngezindlela zami,ngiqondisa izinyawo zami ebufakazini bakho.
60 Ngiyashesha,angilibali ukugcina imiyalo yakho.
61 Izintambo zababi ziyangizungeza,kepha angikhohlwa umthetho wakho.