63 Ngingumngane wabo bonke abakwesabayo,abagcina iziyalezo zakho.
64 Umhlaba ugcwele umusa wakho, Jehova;ngifundise izimiso zakho.
65 Uyenzele inceku yakho okuhle, Jehova,ngokwezwi lakho.
66 Ngifundise ukuqonda okuhle nokwazi,ngokuba ngikholwa yimiyalo yakho.
67 Ngingakahlupheki ngaduka,kepha manje sengiyaligcina izwi lakho.
68 Umuhle wena, futhi wenza okuhle;ngifundise izimiso zakho.
69 Abazidlayo baqamba amanga ngami;ngenhliziyo yonke yami ngiyakugcina iziyalezo zakho.