71 Kwangilungela ukuba ngihlushwe,ukuze ngifunde izimiso zakho.
72 Umthetho womlomo wakho muhlekunezinkulungwane zegolide nezesiliva.
73 Izandla zakho zingenzile, zangibumba;ngiphe ingqondo,ukuze ngifunde imiyalo yakho.
74 Abakwesabayo bayakujabula lapho bengibona,ngokuba ngethemba izwi lakho.
75 Ngiyazi ukuthi izahlulelo zakho zilungilenokuthi wangilaya ngokuthembeka.
76 Umusa wakho mawube yinduduzo encekwini yakho ngokwezwi lakho.
77 Ububele bakho mabuze kimi,ukuze ngiphile,ngokuba umthetho wakho uyintokozo yami.