8 Izimiso zakho ngiyakuzigcina;ungangishiyi nakanci.
9 Insizwa iyakuyihlanza kanjani indlela yayo na?Ngokuqaphela okwezwi lakho.
10 Ngikufunile ngenhliziyo yami yonke;mangingaphambuki emiyalweni yakho.
11 Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho,ukuze ngingoni kuwe.
12 Mawubongwe wena Jehova,ungifundise izimiso zakho.
13 Ngomlomo wami ngimemezelezonke izahlulelo zomlomo wakho.
14 Ngithokoza ngendlela yobufakazi bakho njengemfuyo.