92 Uma umthetho wakho ubungesiyo intokozo yami,ngabe ngibhubhele ekuhluphekeni kwami.
93 Angiyikukhohlwa kuze kube phakade iziyalezo zakho,ngokuba ungiphilisile ngazo.
94 Ngingowakho, ngisindise,ngokuba ngiyafuna iziyalezo zakho.
95 Ababi bahlalele ukungibhubhisa,kepha ngiyaqaphela ubufakazi bakho.
96 Ngibonile ukugcina kokuphelelyo konke,kepha umthetho wakho ubanzi kakhulu.
97 Ngiyawuthanda umthetho wakho kangaka.Usuku lonke ngizindla ngawo.
98 Ngemiyalo yakho ngiyahlakanipha kunezitha zami,ngokuba inami kuze kube phakade.