96 Ngibonile ukugcina kokuphelelyo konke,kepha umthetho wakho ubanzi kakhulu.
97 Ngiyawuthanda umthetho wakho kangaka.Usuku lonke ngizindla ngawo.
98 Ngemiyalo yakho ngiyahlakanipha kunezitha zami,ngokuba inami kuze kube phakade.
99 Ngiyaqonda kunabo bonke abangifundisayo,ngokuba ngizindla ngobufakazi bakho.
100 Nginokuqonda kunabadala,ngokuba ngigcina iziyalezo zakho.
101 Ngiyazinqanda izinyawo zami ezindleleni zonke zokubi,ukuze ngigcine izwi lakho.
102 Ezahlulelweni zakho angichezuki,ngokuba wena uyangifundisa.