1 Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova,abahamba ngezindlela zakhe.
2 Ngokuba uyakudla umsebenzi wezandla zakho;uyakuba nenhlanhla nempumelelo.
3 Umkakho uyakuba njengomnqumo othelayo phakathi kwendlu yakho,abantwana bakho babe njengezithombo zomnqumo,bezungeza itafula lakho.
4 Ngokuba bheka,kanjalo iyakubusiswa indodaemesabayo uJehova.
5 UJehova makakubusise eseSiyoni;uyakubona inhlanhla yaseJerusalemazonke izinsuku zokuphila kwakho.