10 Ngenxa yenceku yakho uDavidemawungaphenduli ubuso bogcotshiweyo wakho.
11 UJehova ufungile kuDavide ngeqiniso,akabuyi kukho, ethi:“Owenzalo yomzimba wakhongiyakumbeka esihlalweni sakho sobukhosi.
12 Uma abantwana bakho begcina isivumelwano saminobufakazi bami engiyakubafundisa bona,khona abantwana babo bayakuhlalaesihlalweni sakho kuze kube phakade.”
13 Ngokuba uJehova ukhethile iSiyoni;ulithandile libe yindawo yakhe yokuhlala:
14 “Yona ingeyokuphumula kwami kuze kube phakade;lapha ngiyakuhlala khona,ngokuba ngiyifunile.
15 Ngiyakubusisa kakhulu ukudla kwalo;abampofu balo ngiyakubasuthisa ngesinkwa.
16 Abapristi balo ngiyakubembesa insindiso;abangcwele balo bayakumemeza nokumemeza ngenjabulo.