13 Ngokuba uJehova ukhethile iSiyoni;ulithandile libe yindawo yakhe yokuhlala:
14 “Yona ingeyokuphumula kwami kuze kube phakade;lapha ngiyakuhlala khona,ngokuba ngiyifunile.
15 Ngiyakubusisa kakhulu ukudla kwalo;abampofu balo ngiyakubasuthisa ngesinkwa.
16 Abapristi balo ngiyakubembesa insindiso;abangcwele balo bayakumemeza nokumemeza ngenjabulo.
17 “Ngiyakuhlumisa uphondo lukaDavide,ogcotshiweyo wami ngimlungisele isibani.
18 Izitha zalo ngiyakuzembesa ihlazo,kepha kuyena uqobo umqhele wakhe uyakukhazimula.”